Isisebenzi sakwaSabc siphunyuke sibanjwa inkunzi ngumshayeli we-Uber eThekwini

Read Time:36 Second

Isisebenzi se-South African Broadcasting Corporation (SABC) sixhumane neReaction Unit South Africa (RUSA) ngoMgqibelo ntambama ngo-17:47 sibika ukuthi siphunyuke emotweni ye-Uber ngemuva kokuba umshayeli ezama ukumthumba.

Isisebenzi sakwaSabc sithwebule isithombe semoto ngesikhathi ebaleka. Umshayeli ubezimise eShell Service Station kuFlorida Road eThekwini ngezizathu ezingaziwa. Ngokushesha wathinta i-RUSA Operations Centre enikeza imininingwane yomshayeli we-Uber obezama ukumthumba nokumbamba inkunzi.

Lapho kuxoxwa naye, lowesilisa wachaza ukuthi wayegibele i-Uber eNorth Beach elibangise eWindermere ngeMcDonalds Drive. Uqhube wathi umshayeli waqala ukujikijela inhlamba wabe esevala izicabha emotweni emsabisa ngokuthi uzomyisa endaweni esithekile nokuthi abanye abashayeli be-Uber bamlimaze.

Ngokusho kwesisulu wabe esegetshengwa imali engu-R500 wabe eseyiswa kuFlorida Road, eThekwini. Kuthe uma imoto ima wakwazi ukuvula umnyango wabaleka.

Uphenyo luyaqhubeka.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *