Kudutshulwe kwabulawa owesifazane nengane e-East London

Read Time:31 Second

Amaphoyisa ase-Eastern Cape aphenya amacala amabili okubulala ngemuva kokutholakala kowesifazane nengane bedutshulwe bebulewe ngase-CTM e-Amalinda, e-East London ngoLwesithathu ekuseni.

ULieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko ku-Amalinda Main Road ngabo-07h00 ekuseni.

“Ngesikhathi efika endaweni yesigameko, amaphoyisa athole imoto yohlobo lweToyota Yaris empunga endaweni yokupaka.”

Uthe ngophenyo kutholwe isidumbu sowesifazane,oneminyaka engu-44 ubudala, esihlalweni somshayeli, ingane,eneminyaka engu-10 ubudala, ilele emgwaqweni ogandayiwe eceleni kwemoto ngasohlangothini lomgibeli.

“Bobabili bebenamanxeba okudutshulwa emzimbeni,” esho.

UMawisa unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuba aye esiteshini samaphoyisa esiseduze.

Uthe izimo ezenzeke ngesigameko azikaziwa futhi ziyingxenye yophenyo.

Amagama abashonile abengakadalulwa.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *