Owesilisa ubulale isoka likadadewabo ngenxa yeselula

Read Time:32 Second

Owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala ubulale isoka likadadewabo ngenxa yeselula

Amaphoyisa abophe owesilisa, 32, ngecala lokubulala owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala oyisoka likadadewabo.

Ngokwemibiko, isoka lizame ukuthatha iselula ngenkani entombini yalo kodwa umfowabo wenqaba, lokhu kwaholela ekuxabaneni umsolwa wakwazi ukubamba ibhodlela washaya umufi ekhanda, ngemuva kokuwa wawela phansi, wamgwaza izikhathi eziningi.

Umsolwa ubaleke endaweni yesigameko ngemuva kwalokho kanti amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko, ngesikhathi befika, isisulu kwathiwa sesishonile abezimo eziphuthumayo. Kwavulwa icala lokubulala kanti kwaqalwa ukuthungathwa komsolwa waze wagcina eboshiwe lapho kwakhiwa khona ngoMsombuluko,mhlaka 15 July 2024.

Umsolwa uvele ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yaseNebo ngoLwesithathu mhla zingu-17 kuJulayi 2024 ukuze abhekane necala lokubulala.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *