Owesifazane onguthisha ubulawe ngesihluku yisoka lakhe

Read Time:58 Second

Ubulawe ngesihluku owesifazane onguthisha waseTsoseletso Secondary School, eFree State, ebulawa yisoka lakhe.

Kuboshwe abasolwa ababili ngokubulawa kukaDitebogo Junr Phalane
UJudith Mpho Moalasi, oneminyaka engu-41 ubudala, kubikwa ukuthi ugilwe yisoka lakhe izikhathi eziningi eduze kwejele i-G4S Mangaung ngempelasonto.

Isigilamkhuba, ngemuva kokuboshwa, sihole amaphoyisa endaweni yesigameko lapho kutholwe khona isidumbu sikaMoalasi esesonakele.

UMnyango wezeMfundo eFree State uzwakalise ukudabuka okukhulu ngalesi sigameko. Esitatimendeni, bachaze uMoalasi njengothisha “osebenza ngokuzikhandla, ozinikele, futhi onesimilo” obesehlale esikoleni kusukela ngo-2020.

Isishoshovu sezemfundo uHendrick Makaneta sikugxekile ukubulawa ngesihluku kukathisha wase
Free State “ngamazwi aqinile.”

UMakaneta uphinde wedlulisa ukuzwelana kwakhe nabangani nomndeni wakwaMoalosi wazwakalisa ukukhululeka ngokuthi umsolwa useboshiwe.

“Sithumela umyalezo wethemba nowenhliziyo enhle kubangani nomndeni kathisha oshonile,” usho kanje.

“Kuyajabulisa ukuthi amaphoyisa asebophe umenzi wobubi. Siyathemba futhi ukuthi abophiko lwezokushushiswa bazoshiya angalazi ukuze baqinisekise ukuthi uMoalosi uthola ubulungiswa,”

UMakaneta ubalule kabanzi imithelela ethinta umkhakha wezemfundo, wathi ukushona kukathisha kuphazamisa indawo yokufunda futhi kungaba nomthelela waphakade kubafundi.

“Ukulahlekelwa uthisha kuphuca abafundi imfundo esezingeni kanye nokuzinza. Umthelela ongokwengqondo kubafundi ungajula futhi uhlale njalo.

“Yize uthisha ezogcina ekhishwe omunye uthisha kulelo kilasi kodwa iqiniso wukuthi akekho umuntu ongavala isikhala sakhe njengoba ehlukile futhi akekho ongasinqamula isibopho asevele esenzile nabafundi bakhe,” kwengeza uMakaneta.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *