Kutholwe isidumbu sowesifazane obulewe emotweni ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo

Read Time:39 Second

Isidumbu sowesifazane obulewe sitholwe emotweni ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo u-M41

Amaphoyisa kamasipala akuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ababili, abasolwa ngecala lokubulala, kulandela ukutholakala kwesidumbu emotweni abebehamba ngayo.

Abasolwa ababili baboshwe ngoLwesihlanu ebusuku (Juni 14) ngesikhathi amaphoyisa kaMasipala evimba umgwaqo ku-M41 ngaseLa Lucia ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ngemuva emotweni yabo.

Isidumbu besigoqwe ngopulasitiki, kuqinisekisa okhulumela amaphoyisa kaMasipala, uColonel Boysie Zungu.

“Imoto imiswe ku-M41 ngamaphoyisa kamasipala ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo. Umshayeli waqala ukuxakeka wazama ukubalekela abomthetho nendawo yesigameko, izikhulu zamjaha,” kusho uZungu.

“Ngemuva kophenyo olunzulu nokuseshwa kwemoto, kutholakale isidumbu somuntu sigoqwe ngopulasitiki. Odokotela babizelwe endaweni yesigameko baqinisekisa ukuthi umuntu ushonile. Abasolwa ababili bagcinwe esiteshini samaphoyisa eDurban North ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uZungu.

Kubikwa ukuthi kuvulwe icala lokubulala kulandela lesi sigameko.

Amaphoyisa aphinde abopha abantu abangu-16 kuso lesi sivimbamgwaqo, nezinsolo zokushayela bephuzile.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

One thought on “Kutholwe isidumbu sowesifazane obulewe emotweni ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *