Iphoyisa ebelingekho emsebenzini litholakale lishonile emgwaqeni e-Eastern Cape

Read Time:1 Minute, 7 Second

Kutholwe isidumbu sikaConstable oneminyaka engu-28 waseDuncan Village ngempelasonto kuMxina Street, eBeacon Bay e-Eastern Cape. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uWarrant Officer Majola Nkohli, uthe leli phoyisa ebelingekho emsebenzini litholakale ezintatha zangoMgqibelo lidindilizile emgwaqweni linenxeba elivulekile emzimbeni.

“Okwamanje azikaziwa ukuthi kwenzekeni ngalesi sigameko. Amaphoyisa avule icala lokubulala, uphenyo seluthathwe yiDirectorate for Priority Crime Investigation eyaziwa ngoKlebe ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uNkohli. Amaphoyisa anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ukuba athinte ithimba labaphenyi ku-082 772 3664 noma ku-Crime Stop ku-08600 10111. UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLt General Nomthetheleli Mene uthe oKlebe baphenya icala. Banethemba lokuthi ngosizo lwabahlali bazoboshwa maduze.

“Sinxusa amalungu ethu ukuthi aqaphe kakhulu ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma engekho emsebenzini. Amasosha ethu ahamba ngezinyawo anikela ngezimpilo zawo ukuze avikele imiphakathi yawo, futhi ngenxa yaleso sizathu angahlaselwa kalula yizigebengu, lapho engekho emsebenzini,” kwengeza ukhomishana wamaphoyisa. Khonamanjalo KwaZulu-Natal, uFaith Ntombela, oneminyaka engu 43, obesebenza enkantolo yaseMlazi, kulindeleke ukuthi alivume icala lokubulala iphoyisa lakhe likaMasipala waseThekwini.

UCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela oneminyaka engu 50 wamaphoyisa kaMasipala wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe oseMlazi yindoda eyayiqashwe unkosikazi wakhe ngo-Ephreli nyakenye, uMandlenkosi Mzo Ntombela. UMzo ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngo-Agasti yiNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho aveza khona ukuthi ngubani owamthuma ukuba ayobulala uCaptain Ntombela. UFaith kusolakala ukuthi usizwe nguthishanhloko wesikole samabanga aphansi uSithembiso Justice Khumalo, oneminyaka engu 53, ekutholeni isibhamu esasizobulala umyeni wakhe.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *