Kushone ingane enezinyanga ezimbili engozini yetekisi eyenzeke eLibode, e-Eastern Cape.

Read Time:24 Second

Kushone abantu abahlanu engozini yemoto eyenzeke eLibode esifundazweni i-Eastern Cape. Okhulumela uMnyango wezeMigwaqo esifundazweni u-Unathi Binqose uthi itekisi iQuantum ibisuka eMthatha ilibangise eMajola ngesikhathi igingqika emgwaqeni oyibhuqu ngesikhathi idlula esigodini saseMgwenyane eLibode.
Kusho uBinqose kuzwakale ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula imoto.

Kulimale abantu abayishumi nambili . Nokho, kwabashonile kukhona ubaba nomama okusolwa ukuthi bashadile, izingane ezimbili, encane inezinyanga ezimbili kanti ugogo ulinganiselwa eminyakeni engamashumi ayisikhombisa . Ugogo ushone efika esibhedlela iBarnabas eNtlaza. Abathathu kwabasindile bathole imihuzuko emibi kwathi abayisishiyagalolunye okuhlanganisa nomshayeli baphunyuka benemihuzukwana.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *