Amaphoyisa aseGqeberha avule idokodo lophenyo ngemuva kokuba owesilisa elinyazwe ngamaphoyisa.

Read Time:34 Second

Kushone owesilisa emaphoyiseni aseGqeberha edutshulwa ngamaphoyisa.
UCaptain Andre’ Beetge uthe amalungu ophiko lokungenelela kuzwelonke alulandele ulwazi ngomlisa obephethe isibhamu esingekho emthethweni ku-unit 11 eMotherwell. Uthe badlulele ekhelini elikuNkume Street okuthe uma kuvulwe isicabha endlini umsolwa wabona amaphoyisa wabe esewakhomba ngesibhamu.

UBeetge uthe amaphoyisa “aphindisele emuva” umsolwa washona ekulimaleni kwakhe. Uphinde waveza ukuthi umsolwa ubengahlobene nesigameko sokugetshengwa kwesitolo sobucwebe eGreenacres Shopping Centre ngoMsombuluko kodwa wathi uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. UBeetge uthe amaphoyisa ashaqe isibhamu nezinhlamvu ezitholwe kowesilisa, kanye ne-signal jammer etholwe endlini.

Uthe idokodo lizodluliselwa ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate ukuze kuqhutshekwe nophenyo. UKhomishana wesiFunda saseNelson Mandela Bay uMajor General Vuyisile Ncata ubonge umphakathi “ngokwabelana ngolwazi olubalulekile” namaphoyisa.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *