Owesilisa (41) usebenzise imali yakhe yakwaRAF ukuletha amanzi emphakathini

Read Time:2 Minute, 15 Second

Owesilisa oneminyaka engu-41 ubudala usebenzise imali yakhe yakwaRAF ukuletha amanzi emphakathini

Owesilisa waseMpumalanga othole isikhwama sakhe seRoad Accident Fund (RAF) uthathe isinqumo sokubusisa umphakathi wangakubo ngamanzi njengoba uphoqeleka ukuthi ahambe ibanga elingu-5km ukuze athole amanzi.

Ngokubika kwe Sowetan Live, abantu sebethola amanzi ezindlini zabo ngenxa yendoda yaseMpumalanga eyadela ingxenye yayo yemali yakwaRAF.

UMnuz Mlungisi Majazi Maseko okumanje oneminyaka engu-41 ubudala waseMooiplaas ngaphansi kukamasipala wendawo iChief Albert Luthuli uthe usebenzise u-R1.3m emalini yakhe kaRAF ukuthenga amathange amanzi, amapayipi nezinye izinsiza kulo msebenzi.

Imizi ebalelwa ku-105 osekuphele iminyaka engu-15 ihlukumezeka manje ibona uMaseko njengeqhawe njengoba esekwazile ukuletha usizo kumasipala osekuphele iminyaka uhluleka ukuyinika.

UMaseko uthe wayesendleleni ebuya emsebenzini ngesikhathi ehlelwa yingozi ngo-2018 kanti iRAF yagcina isiyikhokha leyo mali.

UMaseko uthe ngaphambi kokuthi kwenzeke ingozi, ubeqashwe njengomeselane.

“Ngemva kokushiya umsebenzi ngizimbele owami umgodi ukuze nginisele amahekitha amabili omhlaba wokulima. Ngokubona umphakathi engakhulela kuwo uhlupheka nezaguga zithwele amabhakede amanzi ibanga elingu-5km, ngaba nomhlangano nawo ngawutshela ngohlelo lokukha amanzi emfuleni ukuya emakhaya,” usho kanje.

“Kodwa bathi abanayo imali. Ngabe sengithatha isinqumo sokuqasha izinsizwa ezingasebenzi ukuthi zingifakele ingqalasizinda yamanzi engangiyikhokhele ephaketheni lami … njengoba sikhuluma nje, imindeni engu-105 manje inamanzi futhi lokho kuletha injabulo enkulu enhliziyweni yami.”

Uthe umfula abakha kuwo amanzi ungaphezulu kwentaba kanti izindlu zabo ziphansi okwenza kube lula ukuhambisa amanzi emphakathini.

“Angicebile futhi ngiphila ngokulima. Ngemva kokuphothulwa kohlelo lwamanzi, nganikeza amalungu omphakathi athanda ukulima indawo ethile futhi abantu sebengakwazi ukondla imindeni yabo. Asisazabalazeli amanzi.”

UMaseko uthe ngesikhathi kushona uyise omncane wayefuna ukuyeka isikole ayofuna umsebenzi kodwa bakhona abesilisa nabesifazane emphakathini ababemxhasa ngezimali beqinisekisa ukuthi unakekelwa kahle bamkhuthaza nokuthi aye esikoleni.

Uthe ukuhlinzeka umphakathi ngamanzi yindlela yakhe yokubonga abadala abebemphethe.

Amalungu omphakathi athe ukube bekungeyena uMaseko, basazohamba ibanga elingu-5km ukuyokha amanzi.

Isakhamuzi uZodwa Mkhonto-Mazibuko uthe umphakathi ubusisekile ngokuba noMaseko phakathi kwawo.

“Simbone ekhula kanti ngesikhathi esebenza ubengasihlali isikhathi esiningi lapha. Lapho ephelelwa umsebenzi [ngemva kwengozi] wasebenzisa eyakhe imali ukuze asisize futhi akazange aphile impilo ewubukhazikhazi kodwa wazizwa edinga ukusiza umphakathi wakubo ngenkinga yamanzi ebilokhu ikhona ngisho esemncane.

“Sifisa sengathi uhulumeni angambona noma amnxephezele ngalokhu akwenzile ngoba ekugcineni wumsebenzi wabo ukusinikeza amanzi.

“Yinto esibavotele yona. Manje angisahambi ukuyokha amanzi kodwa ngivula umpompi wami ngaphakathi egcekeni,” kusho uMkhonto-Mazibuko.

Esinye isakhamuzi sakule ndawo, uMnuz Nkosinathi Msibi, othole itoho ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, uthe kuyamjabulisa ukuthi ukwazile ukwenza imali.

“Ngesikhathi uMnumzane Maseko ethi uzosifakela amapayipi amanzi ngajabula kakhulu ngoba ukudonsa amanzi emfudlaneni sekuphenduke indlela yethu yokuphila. Wathi uzosikhokhela futhi wayezosithengela nokudla kwasemini usuku ngalunye.

Ekupheleni konyaka wezimali okhona, sizobe sesiqedile ukwenza ngcono izindawo zokuhlanza amanzi ezizofaka wonke umphakathi waseMooiplaas, hhayi izitendi ezintsha kuphela.

“Okwamanje sesakhe i-borehole safaka namathangi amanzi azohlinzeka ngamanzi okwesikhashana. Sesike saxhumana nelungu lomphakathi elihlinzeke umphakathi ngamanzi ngokusebenzisana ukuya phambili,” kusho uPhetla.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
100 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *