Kushone Abantu abane ngokusha kwebhilidi eGoli

Read Time:33 Second

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uRobert Mulaudzi uthe isigameko senzeke ekhoneni likaJannie noJules street ngezithuba zabo-01:15 ekuseni.Kushone abantu abane kwathi abathathu balimala ngemuva komlilo oshise ibhilidi eselakhiwe eJeppestown, eGoli, ngeSonto ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uRobert Mulaudzi uthe isigameko senzeke ekhoneni likaJannie noJules street ngezithuba zabo-01:15 ekuseni. Uthe abashonile baneminyaka ephakathi kuka-30 no-40. “Okwamanje imbangela yomlilo kukholakala ukuthi ubuxhume ngokungemthetho.

Lo mlilo uqubuke kwelinye lamabhilidi angasasetshenziswa enkabeni yedolobha. Basebenzisa yonke inhlobo yempahla ukuzama ukuhlukanisa leli bhilidi. “Empeleni yifemu eyashintshwa yaba indawo yokuhlala, bekungafanele bahlale kuleli bhilidi kodwa banqume ukungena kuleli bhilidi,” usho kanje. “Umlilo uvaliwe kanti sizolidlulisela kwa-SAPS ibhilidi ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
100 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *