Ubaba ushise izingane zakhe zashona eSharpville

Read Time:28 Second

Ubalekile ubaba osolwa ngokushisa abulale indodakazi yakhe enonyaka kanye nendodana yakhe eneminyaka emihlanu ubudala ngoMgqibelo ebusuku, ePhelendaba Sharpeville, lapho abeqashe khona nentombi yakhe. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi umlingani wakhe engekho ekhaya.

“Bekuthulekile silele, kungazelelwe sezwa umsindo. Savuka sathi siphuma ngaphandle umlilo ubusumkhulu, sazama ukuwuvimba kodwa kwashaya isikhathi,” kusho umakhelwane.

Ngokusho kukamnikazi wendawo, ubaba uthe isigameko somlilo sibe yiphutha. “Ushayele ucingo lwami ngeSonto ecela ukukhuluma nentombi yakhe. Wakhuluma nentombi yakhe waqala wacela uxolo ethi kube yiphutha.”

“Kuthe kusenjalo esakhuluma ocingweni waqala wathi imbangela yomlilo kube ikhandlela eliwile kodwa okuxakayo wukuthi izingane bezivalelwe ngaphakathi,” kwengeza umnikazi wendawo.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
80 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
20 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *