Izingane ezintathu zishonile ngemuva kokuquleka esikoleni

Read Time:44 Second

Kwenzeke isigameko esibuhlungu ngoMsombuluko ekuseni lapho kushone izingane ezintathu ezincane, ezimbili zazo okuyizelamani ngemuva kokuwa esikoleni. Lezi zingane, umfana oneminyaka engu-10, intombazane eneminyaka engu-11 ubudala, kanye nomzala wazo oneminyaka engu-8 ubudala, babeshiye ikhaya likagogo wabo e-Extension 11, e-Evaton West, beyofunda e-Evaton Primary School.

Lesi sibhicongo senzeke ngezithuba zabo-08:00 ngesikhathi kubizwa unina wezelamani ezimbili esikoleni. Wabikelwa ukuthi izingane zakhe ziqulekile. Lapho efika esikoleni, wathola ukuthi zontathu izingane zisesimweni esibucayi. I-ambulensi yabathwala yabayisa emtholampilo iLevai Mbatha, kodwa okubuhlungu ukuthi bafike bashona.

Ngokusho kukagogo wezingane, beziphile saka ekuseni, zidle uphuthu nobisi ngaphambi kokuya esikoleni. Nokho uthishanhloko udalule ukuthi enye yezingane okukhulunywa ngayo ike yawadla namabhisikidi abawaphiwe nguyise omncane ngesikhathi beya esikoleni.

Isikole i-Evaton Primary School sesikhiphe incwadi eya kubazali iqinisekisa ukushonelwa kwabafundi babo abathathu.

UConstable Thulisile Msibi ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo, akekho osaboshiwe ngalesi sigameko.

Umthombo: Rea Gazette

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
67 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
33 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *