Amaphoyisa mbumbulu akhumule umama nendodakazi baba nqunu ngesikhathi ebagebenga

Read Time:34 Second

Kuthungathwa amaphoyisa mbumbulu amathathu (3) agasele emzini oseHazelmere, KwaZulu-Natal ngoLwesine.

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-20:41 kusihlwa. Umndeni wabane (4) wabikela abeReaction Unit ukuthi abesilisa abathathu (3) ababegqoke umfaniswano wamaPhoyisa (SAPS) angene ekhaya abamba umndeni wabane (4).

Bafune imali kumnikazi womuzi ababecabanga ukuthi umashonisa. Izigebengu zakhumula umama nendodakazi baba nqunu. Babasabise ngokuthi bazodlwengula babashise nge-ayina uma bengayikhiphi imali.

Ngemuva kwalokho abasolwa bababambe inkunzi, bantshontsha imali, omakhalekhukhwini ababili (2) beSamsung, amakesi amabili (2) otshwala nenyama efrijini. Ufakazi wazise Amalungu e-RUSA ukuthi oshayasibhamu babaleke ngemoto yohlobo lweRenault (imodeli nokubhaliswa akwaziwa).

Amaphoyisa aqhuba uphenyo olunzulu kodwa bekungakaboshwa muntu.

Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/iu63eigV9xcP4j4v/?mibextid=oFDknk

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *