UGatsheni ucacisa ngengozi yemoto emehlele ehamba namagidangoma akhe

Read Time:32 Second

Umculi kamaskandi, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu ube sengozini yemoto ehamba namagidangoma akhe ngesikhathi beyocula.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguGatsheni ekhasini lakhe likaFacebook namuhla.

Echaza ngesigameko uGatsheni uthe: “Sawubona,Yebo ngithi angikuqinisekise ukuthi sike savelelwa ingozi siyosebenza nabafwethu laba engigida nabo. Asilimalanga kodwa kwaba ingozi nje kwase kulimala enye yezimoto esisebenza ngazo zakwaNdlovu. Ngithi angibhale le post ngenxa yokuthi kukhona abacanga ukuthi i-Quantum eyalibala kanti akunjalo”.

“Ezinye izimoto ezintathu zisekhaya, zi-right. UGatsheni u-right akalimalanga nakancane. 🙏🙏. Ngiyajima nje, ngijimela ama celebrate games esizoba nawo kulempelasonto esiya kuyo eGoli. Ngizophinde ngibonakale ku- Dundee July, kanye nakuma Film and TV1 Awards ngiyobe ngicula ulive!”,kusho uGatsheni ekhasini lakhe likaFacebook.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *