Owesifazane utholwe eshonile nengane yakhe kanye nonina eNewcastle

Read Time:24 Second

Utholwe eshonile owesifazane nendodakazi yakhe kanye nonina eNgogo, eNewcastle KwaZulu-Natal.

Esinye isigameko esibuhlungu sishiye abantu baseNewcastle bengawuvali umlomo.Kubikwa ukuthi uNomthandazo Ximba utholwe eshonile kanye nendodakazi yakhe nonina.

Batholakale bebulewe kanti kusolakala ukuthi yisisebenzi sabo esithinteka ekufeni kwabo. Akukacaci ukuthi izisulu zibulawe kanjani kanti namaphoyisa azisiwe ngalesi sigameko.

Kuvulwe amacala amathathu (3) okubulala kanti kusaphenywa.

Kumanje amaphoyisa athungatha lo msebenzi njengoba engatholakali ngemuva kokutholakala kukaNomthandazo nomndeni wakhe ebulewe.

Umthombo: https://m.facebook.com/story.php?id=100092551279828&story_fbid=402110922883947

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
100 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

One thought on “Owesifazane utholwe eshonile nengane yakhe kanye nonina eNewcastle

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *