Umshayeli we-e-hailing utholwe eshonile emotweni ngasemtholampilo waseSoshanguve

Read Time:33 Second

Amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuthumba.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuthunjwa komshayeli we-e-hailing owatholwa eshonile emotweni yakhe eSoshanguve Ext 5 ngoLwesibili ntambama, mhlaka 9 Julayi.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Johan van Dyk uthe amaphoyisa athole ucingo ngesidumbu esingaphakathi emotweni eseduze nomtholampilo iKopanong, enyakatho nePitoli.

Uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice imoto emhlophe yohlobo lweToyota Corolla Quest ivuleke isicabha sangemuva.

“Ngesikhathi besesha imoto, bathole owesilisa elele equlekile esihlalweni esingemuva emotweni,” kusho uVan Dyk.

UVan Dyk uthe abezimo eziphuthumayo eGauteng baqinisekise ukuthi umufi ushonele endaweni yesigameko.
Uqhube wathi umufi ubenenxeba lokudutshulwa kwesokunxele esifubeni.

“Uhlonzwe njengomshayeli weBolt waseSoshanguve,” esho.

“Amaphoyisa avule icala lokubulala nelokuthumba,” engeza.

UVan Dyk uthe akukaboshwa muntu okwamanje.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *