Ugwazwe washona umfana ngenxa yesikweletu sikayise sika-R150

Read Time:58 Second

Uyise womfundi webanga lesibili owabulawa eCopesville eMgungundlovu, KwaZulu-Natal ukholelwa ukuthi ukubulawa kwendodana yakhe kwakuyisenzo sokuziphindiselela.

UMnu William Rutambo onguyise kaLinathi Mkhize, uthi phambilini wake waxabana nomsolwa kubangwa u-R150 ayewukweleta.ULinathi uduke ngoLwesine mhla zingu-4 kuNtulikazi.

Umsolwa ugcine ebonakale engena emjondolo wakhe ehamba noLinathi isidumbu sakhe esitholwe sinamanxeba okugwazwa emjondolo kamsolwa ngoLwesihlanu ebusuku.

URutambo uzigxeka yena ngalesi sigameko.

“Ngiyazisola ngokushona kwendodana yami, ngixabene nomsolwa. Njengomngani wami bengimsiza ngezinhlelo zokuthula, yize besingatholi mali etheni kodwa le mali encane ebesiyithola ibilungile,” usho kanje.
Khonamanjalo, unina womfana uNontobeko Mkhize ubandise ngendlela umsolwa adlisa ngayo umfanyana.

“Indodana yami iye esitolo esiseduze iyothenga ama-chips. Ubonakale nomsolwa esitolo ngemuva kokumnika u-R8 wokuthi adlale le mishini. Umphakathi ubone ingane yami ihamba nomsolwa beya emjondolo wakhe. Ngokuhamba kwesikhathi samthola eseshonile emjondolo womsolwa. Ubenamanxeba okugwazwa emzimbeni,” usho kanje.

Wengeze ubulungiswa ngokubulawa kwendodana yakhe.

“Okubuhlungu wukuthi (umsolwa) uyazulazula akakaboshwa, umsolwa ubephume ngoshwele kodwa manje useyibulele indodana yami. Nobuhlungu engibhekene nabo ngeke ngibuchaze. akakwazanga ukuzivikela sifuna ukubona ubulungiswa futhi ngeke sihlale nezigebengu ezinjena ngoba asazi ukuthi uhlelani njengoba ededelwe ngoshwele,” usho kanje.

Khonamanjalo imibiko ithi umphakathi nezakhamizi zakule ndawo zithungathe zaze zamthola umsolwa maqede zamshaya waze washona. Amaphoyisa abengakatholakali ukuqinisekisa isigameko.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *