Kudunwe imoto kwabulawa umshayeli weBolt eNtuzuma

Read Time:38 Second

Owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala wasePort Shepstone, uboshwe ngoLwesibili ekuseni eNtuzuma, KwaZulu-Natal ngezinsolo zokuduna nokubulala uLungisani Xaba ongumshayeli weBolt.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku ngezithuba zabo-8:30 ebusuku. Uyise kamufi, uMnuz Mhlengi Xaba,uthi bathole ucingo lwendodana yakhe bekhathazekile, baphuthuma endaweni yesigameko. Bafice imoto yendodana yakhe ishiywe dengwane, baphinde bathola ukuthi ibulewe.

UXaba uthe balandele ukuthi ucingo lukuphi baluthola kumsolwa obesebenzisa iBolt app. Umsolwa uboshiwe watholwa nefoni kamufi nezinye izimpahla. UXaba uzwakalise ukudabuka nokudinwa, wathi indodana yakhe ibingumuntu okhuthele obengafanele ukufa ngale ndlela.

Uphinde wagxeka uhlelo lokusebenza lweBolt ngokungakwenzi okwanele ukuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli bayo. Amaphoyisa ayaluphenya lolu daba.

Umthombo: https://www.isolezwe.co.za/izindaba/ubelungabaza-uhambo-olumbulalisile-umshayeli-we-bolt-edb24e99-e14e-46b5-b3d4-fdbda6621a77?fbclid=IwZXh0bgNhZW0CMTEAAR00QyAWHzGKP0c4_HA20-99fBWBh-PfNk2tuc9Czya_iT8_RBnICEUlBLI_aem_-yVlFF3295_S7dr0z55YF

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
100 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *