Izigebengu zidune imoto yamaphoyisa eMbumbulu yagingqika

Read Time:42 Second

Imoto ebiduniwe igingqike ibheke ngaseMgungundlovu ku-R603 eMbumbulu.

Amaphoyisa asenxuse amalungu omphakathi ukuthi asize ekuhlonzeni izigebengu ezeqile zabamba inkunzi zaduna amaphoyisa amabili eMbumbulu, KwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa amabili ophiko lweSAPS eMbumbulu abezulazula ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi emisa imoto ebisolisayo ebinabagibeli abane.

Abasolwa baphuce amaphoyisa izibhamu kanye nokhiye bemoto yamaphoyisa,” kusho uNaicker.

Izigebengu zibe sezibaleka ngemoto yazo kanjalo nemoto yamaphoyisa.

Imoto yamaphoyisa ebiduniwe igingqike ibheke eMgungundlovu ku-R603 eMbumbulu. Abasolwa babe sebebaleka endaweni yesigameko ngemoto yabo.

Wonke amaphoyisa. kanye nabanye abomthetho, baziswe ngokushesha futhi abasolwa babonwa eduze nalapho kwenzeke khona ukugetshengwa.

“Siphila emphakathini ogula kakhulu lapho abantu behlasela amaphoyisa mihla namalanga. Sidinga imfundo eyengeziwe kusukela besebancane ukuze abantu bangakhuli babe yizigebengu futhi bahlale bethobela umthetho,” kusho uNaicker.

UNaicker uphinde wengeza ngokuthi sekuqoqwe zonke izinsiza ezikhona ukuze kuthungathwe abasolwa bese bezoboshwa.

Amaphoyisa aseMbumbulu abhalise icala lokugebenga kuhlonyiwe.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *