Utholwe egqitshwe emgodini eshonile umfana (6) owaduka ngenyanga eyedlule
Utholwe egqitshwe emgodini eshonile umfana (6) owaduka ngenyanga eyedlule
Utholwe egqitshwe emgodini eshonile umfana oneminyaka eyisuthupha ubudala owaduka ngenyanga eyedlule.
Utholwe eshonile uJunior Mabandla oneminyaka engu-6 wasePienaar eMpumalanga okwabikwa ukuthi udukile enyangeni edlule.
Umalume wakhe uThapelo Sishaba uziqinisekisile lezi zindaba ezibuhlungu.
Umsolwa wakhomba ithuna elingashoni endaweni agqibe kuyo uMabandla ngemuva kokuvinjwa ekhoneni ngamalungu omphakathi amcela ukuthi ambe ithuna akhiphe isidumbu.
Umsolwa uboshelwe esinye isigameko sobugebengu izolo, lapho esolwa ngokuthumba, ukudlwengula nokushisa intombazane eneminyaka emithathu ubudala endaweni efanayo.
Amaphoyisa ebekhona endaweni yesigameko.
Umalume uthi bekulula ukubona uJunior ngenxa yezimpahla nezicathulo ayezigqokile ngosuku anyamalala ngalo.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/v/YkU2vmiK5oAJ9w4c/?mibextid=oFDknk
Kubuhlungu loku okwenzekayo kubulawa Abanti kabuhlungu special izingane no Mama eyami ngane yabulawa kabuhlungu ngo 2005 bulawa Bantu Abangaziwa kuzekube manje akuzange kuboshwe muntu so bakithi Babulali yekani kuthwala ngezingane zethu kanye nemi Ndeni yethu