Owesilisa ubulale indodana yakhe ethi ulaya unina wayo abemsola ngokujola Isambane News 11 hours ago Owesilisa wabulala indodana yakhe ngokuyiklinya ngoba ethi ubelaya unina okuthiwa ubejola nenye indoda. Lokhu kuvezwe umphenyi waleli cala, uSergeant Vincent Zondi, ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe eNkantolo yeMantshi ePinetown, KwaZulu-Natal. USiyabonga Shezi oneminyaka engu-32 ubudala kuthiwa wathatha indodana yakhe uSifundo Sibisi oneminyaka engu-8 ubudala, wayiyisa ehlathini eNtshongweni ngoJanuwari 13 wayibulala. Emuva kokwenza lokho kuvele ukuthi ufonele unina kamufi, uNksz Nonhlanhla Sibisi emazisa ukuthi usebulale ingane yabo futhi akaphuthume ukuyilanda ehlathini ngaphambi kokuthi idliwe yizilwane. “Ophenyweni engalwenza ngathola ukuthi uShezi wabulala indodana yakhe, ethi wayelaya unina owayejola,” kufakaza uSergeant Zondi. Uphinde waveza ukuthi uShezi wenza iphutha esitatimendeni asenza evuma ukuthi wabulala indodana yakhe. Umshushisi u-L. Gurie uthe, uShezi wabikela amalungu omndeni wakhe ukuthi usebulele indodana yakhe. Uthe uShezi uphinde waxolisa kunina kamufi ngesenzo sakhe sokubulala indodana yabo. “UShezi wafika kunina wengane wathi ucela uxolo, wenza iphutha wabulala ingane ngenxa yomona,” kusho uMshushisi. UShezi uxabene noMshushisi wanengwa ukuthi ubembuza ukuthi uyibulaleleni indodana yakhe. “Ngicela ungiyeke ngenze konke ongitshela khona ngifuna ukwazi ukuthi ngiyayithola yini ibheyili noma cha” esho ngolaka.

Owesilisa ubulale indodana yakhe ethi ulaya unina wayo abemsola ngokujola Isambane News 11 hours ago Owesilisa wabulala indodana yakhe ngokuyiklinya ngoba ethi ubelaya unina okuthiwa...