Kutholwe ingane yentombazane ishonile kupulasitiki kadoti
Ingane yentombazane esanda kubelethwa itholakale ilahlwe kudoti eHammonds Farm namuhla. I-Reaction Unit South Africa (RUSA) Operations Centre ithole ucingo lokucela usizo cishe ngo-11:06 ekuseni. Umqoqi...
Ikhehla elihola impesheni lidutshulwe ngephutha lashona lihamba nomzukulu kuma-ATM eTembisa
Enxanxathel yezitolo kubulawe owesilisa obulawe ngonogada bakwaFidelity ngoMgqibelo odlule eTembisa, eKurhuleni, mhlaka 28 Julayi 2024. Abazibonele ngawabo amehlo bakhumbule ukuthi owesilisa ohola impesheni ushaywe ngenhlamvu...
Owesilisa ubulale indodana yakhe ethi ulaya unina wayo abemsola ngokujola Isambane News 11 hours ago Owesilisa wabulala indodana yakhe ngokuyiklinya ngoba ethi ubelaya unina okuthiwa ubejola nenye indoda. Lokhu kuvezwe umphenyi waleli cala, uSergeant Vincent Zondi, ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe eNkantolo yeMantshi ePinetown, KwaZulu-Natal. USiyabonga Shezi oneminyaka engu-32 ubudala kuthiwa wathatha indodana yakhe uSifundo Sibisi oneminyaka engu-8 ubudala, wayiyisa ehlathini eNtshongweni ngoJanuwari 13 wayibulala. Emuva kokwenza lokho kuvele ukuthi ufonele unina kamufi, uNksz Nonhlanhla Sibisi emazisa ukuthi usebulale ingane yabo futhi akaphuthume ukuyilanda ehlathini ngaphambi kokuthi idliwe yizilwane. “Ophenyweni engalwenza ngathola ukuthi uShezi wabulala indodana yakhe, ethi wayelaya unina owayejola,” kufakaza uSergeant Zondi. Uphinde waveza ukuthi uShezi wenza iphutha esitatimendeni asenza evuma ukuthi wabulala indodana yakhe. Umshushisi u-L. Gurie uthe, uShezi wabikela amalungu omndeni wakhe ukuthi usebulele indodana yakhe. Uthe uShezi uphinde waxolisa kunina kamufi ngesenzo sakhe sokubulala indodana yabo. “UShezi wafika kunina wengane wathi ucela uxolo, wenza iphutha wabulala ingane ngenxa yomona,” kusho uMshushisi. UShezi uxabene noMshushisi wanengwa ukuthi ubembuza ukuthi uyibulaleleni indodana yakhe. “Ngicela ungiyeke ngenze konke ongitshela khona ngifuna ukwazi ukuthi ngiyayithola yini ibheyili noma cha” esho ngolaka.
Owesilisa ubulale indodana yakhe ethi ulaya unina wayo abemsola ngokujola Isambane News 11 hours ago Owesilisa wabulala indodana yakhe ngokuyiklinya ngoba ethi ubelaya unina okuthiwa...
Ingane eneminyaka engu-7 ubudala obekubikwe ukuthi ilahlekile itholwe isishonile
Isitholakele indoda okusolwa ukuthi iyona ethumbe yabulala intombazanyane enguZanokuhle Khumalo (7) yaseDumsani Makhaye Village eMhlathuze City okusanda kubikwa ngokuduka kwayo. Ngokusho kukaSandile Mhlongo ochazwe njengoMfundisi...
Owesilisa owahamba ekhaya eyofuna umsebenzi e-Germiston,akaziwa ukuphi
UNtsieni Moleto usuke eMshongoville, e-Atteridgeville ngoLwesibili mhla zingu-23 kuNtulikazi (July) eyofuna umsebenzi eGermiston kanti akazange esabonakala. Umndeni wakhe okhungathekile uyamfuna. Kuthiwa kukhona owayemthembise umsebenzi wokuba...
Kutholwe isidumbu sowesilisa silenga esihlahleni e-Emona, KwaZulu-Natal
Owesilisa olinganiselwa eminyakeni engamashumi amane utholwe elenga esihlahleni eNgudulu, Emona, KwaZulu-Natal namuhla (ngoLwesibili). IReaction Unit South Africa (RUSA) ithole ucingo lokucela usizo ngemuva kokutholakala kowesilisa...
Kushone abantu abayisikhombisa endaweni yokucima ukoma eKlerksdorp
Kushone abantu abayisikhombisa endaweni yokucima ukoma eKanana ext 13, eKlerksdorp Amaphoyisa athungatha abasolwa abenze isigameko sokudubula esibulale abantu abayisikhombisa eKanana extention 13, eduze kwase-Orkney ngaphandle...
Utholwe eshonile endlini ngemuva kokushaywa yisoka
Udabukile umphakathi waseMthwalume KwaZulu-Natal ngemuva kokushona kukaMandisa Cele oneminyaka engu-20 ubudala obefunda u-matric oshaywe waze washona yisoka lakhe. Lesi sigameko sishiye abantu besigodi bebambe ongezansi...
Ugwetshiwe owesilisa owashaya ingane (2) ngesitini ebusweni
Ingane eneminyaka emibili ubudala yaquleka ngemuva kokushaywa ngesitini ebusweni. Ugwetshiwe yiNkantolo yesiFunda yaseMothibistad yaseNorthearn Cape. Umsolwa oneminyaka engu-21, elingadalulwanga igama lakhe ukuvikela ingane, utholwe enecala...
Umfundi ugwazwe washona phambi kwesango lesikole
U-Azizipho Langbooi,oneminyaka engu-20 ubudala, obefunda eRocklands Combined School, ubulawe phambi kwamasango esikole ngoLwesihlanu ntambama ngaseKariega eNelson Mandela Bay. U-Azizipho, obenza uGrade 10, kuthiwa uxabane nomfundi...