Sitholwe emakhazeni isidumbu sentombazane eneminyaka engu-19 eyayidukile

Read Time:27 Second

Isidumbu sentombazane eneminyaka engu-19 ubudala sitholwe emakhazeni kahulumeni eGermiston. UThando Daisy Khoza waduka esekhaya e-Ivory Park ngomhlaka-3 Juni isidumbu sakhe satholwa emakhazeni kahulumeni eGermiston ezinsukwini ezingu-7 kamuva.

UThando wayengumfundi e-Ivory Park Secondary School. Esinye isidumbu somfundi wakusona lesi sikole sitholakale endaweni okulahlwa kuyo udoti ngesonto elifanayo.

UMolatelo Francina Sathekge noThando Daisy Khoza bebefunda u-matric.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu. Abantu baphawule ngalo mfundi bathi amaphoyisa kumele abheke othisha ngoba kuyaxaka ukuthi kubulawe amantombazane amabili esikole esisodwa. Abanye bathi kungase kube khona umbulali olandelanayo.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

One thought on “Sitholwe emakhazeni isidumbu sentombazane eneminyaka engu-19 eyayidukile

  1. Yoooh shem Yong girl 🧒 💕 no pice 😢 kulohlaba rest in peace ✌️ but god bless you makhaza ezigebengu jesu wami

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *