Kudutshulwe kwabulawa owesifazane ngesikhathi ebuya kubo kwesoka lakhe oThongathi

Read Time:34 Second

Kudutshulwe kwabulawa owesifazane ngesikhathi ebuya kubo kwesoka lakhe eFlamingo Heights oThongathi KwaZulu-Natal ngoLwesibili ebusuku.

IReaction Unit South Africa (RUSA) Tongaat Operations Centre ithole ucingo lokucela usizo oluvela elungeni lomphakathi ngezithuba zabo-22:46 ebusuku. Ekufikeni kwabo, amaReaction Officers athole amaphoyisa asoThongathi ekhona endaweni yesigameko

Ngokusho kwezakhamuzi, bezwe kuqhuma isibhamu kathathu (3) base bethola isidumbu sowesifazane endleleni yezinyawo ngemuva kwesikhashana. Kutholwe imininingwane yokuthi ubebuyela kubo eRajkumars ngemuva kokuvakashela isoka lakhe. Ufakazi uthe isoka lafika kuye esendleleni esanda kuphuma lapho abehlala khona. Kwabe sekudutshulwa kathathu (3).

Abe-Reaction Unit kanye nezikhulu namaphoyisa badlulele lapho kuhlala khona isoka bafike balibuza mayelana necala lokubulala. Uphikile ukuthi unesibhamu futhi akanalo ulwazi ngokubulala.

Uphuthunyiswe esiteshini samaphoyisa oThongathi ukuze ayophekwa ngemibuzo.

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *