uFikile Mlomo ulaliswe esibhedlela ngemuva kokungakwazi ukuhamba

Read Time:44 Second

Umculi weGospel uFikile Mlomo ulaliswe esibhedlela ngemuva kokungakwazi ukuhamba

Izinkinga zempilo sezidale ukuthi umculi wowokholo uFikile Mlomo asale esehamba ngesihlalo esinamasondo.

Lo mculi usanda kuthatha isikhathi sakhe edalula ukuthi ulaliswe esibhedlela isikhathi esingaphezu kwenyanga ngesikhathi ongoti behlola imbangela yokuhluleka kwakhe ukuhamba.

Exif_JPEG_420

“Nganoma yini eyenzekayo ngicela wazi ukuthi nginamandla kakhulu. Uma ungibona ngimuhle kanje yingoba angifuni ukwamukela isimo. Sekwenzekile kodwa ngeke ngikwamukele. Angizange ngibe sengozini. Mina” Ngisebenzisa i-walker ne-wheelchair ukuhambahamba. Abantu akumele bethuke bacabange ukuthi ngiyalingisa,” kusho yena.

“Akumnandi ukulala esibhedlela. Bazama ukuqonda ukuthi ngilahlekelwe kanjani ukuhamba ngoba angikwazi ukuhamba. Kuvele kuma yonke into.”

UFikile uthe uzohlala enomoya omuhle ngoba yize engakwazi ukuhamba kodwa unezwi futhi uyakwazi ukuya ezigidini zakhe, kungakhathaliseki ukuthi kumele ahambe ngesihlalo esinamasondo noma eselulamile futhi ahambe.

“Angisoze ngayeka ukucula noma usathane ezama kangakanani ngeke angehlule. Lokhu kimina akulutho ngisazoya emagigini.”

Happy
Happy
0 %
Sad
Sad
0 %
Excited
Excited
0 %
Sleepy
Sleepy
0 %
Angry
Angry
0 %
Surprise
Surprise
0 %

Average Rating

5 Star
0%
4 Star
0%
3 Star
0%
2 Star
0%
1 Star
0%

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *